NgokukaJohane 3:16-19
NgokukaJohane 3:16-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba izokwehlulela izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. Okholwa yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga eNdodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi.
NgokukaJohane 3:16-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye. Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.
NgokukaJohane 3:16-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu. Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi.
NgokukaJohane 3:16-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)