NgokukaJohane 3:14-17
NgokukaJohane 3:14-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa; ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.
NgokukaJohane 3:14-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa, ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba izokwehlulela izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.
NgokukaJohane 3:14-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.
NgokukaJohane 3:14-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)