NgokukaJohane 21:1-14

NgokukaJohane 21:1-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanjalo. Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba. Basebesithi kuye: Lathi sihamba lawe. Base bephuma, bangena emkhunjini masinyane; futhi ngalobo busuku ababambanga lutho. Kepha sekusile, uJesu wema ogwini, kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu. Khona uJesu wathi kubo: Bantwana, aninakho ukudla na? Bamphendula bathi: Hatshi. Wasesithi kubo: Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, lizathola. Base bephonsa, kepha babe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle. Abanye abafundi beza ngomkhumbi; (ngokuba babengekude nenhlabathi, kungathi izingalo ezingamakhulu amabili), bedonsa inetha elinezinhlanzi. Khona sebefikile emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi kubekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: Lethani izinhlanzi enizibambe manje. USimoni Petru wakhuphuka, walihudulela emhlabathini inetha ligcwele izinhlanzi ezinkulu, eziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; UJesu wathi kubo: Wozani lidle. Kodwa kakho kubafundi owaba lesibindi sokumbuza ukuthi: Wena ungubani? besazi ukuthi yiNkosi. UJesu wayesesiza, wathatha isinkwa, wabanika, nezinhlanzi ngokunjalo. Lokhu sekungokwesithathu uJesu ezibonakalisa kubafundi bakhe, esevukile kwabafileyo.

NgokukaJohane 21:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Sekwedlule lokho, uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi bakhe ngasolwandle iThibheriya. Wazibonakalisa kanje: kwakukhona lapho uSimoni Phethro, uThomase okuthiwa nguDidimu, uNathanayeli waseKhana eGalile, amadodana kaZebedewu, nabanye abafundi bakhe ababili. USimoni Phethro wathi kubo: “Ngisayodoba.” Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Bahamba, bangena esikebheni; kodwa ngalobo busuku ababambanga lutho. Kuthe sekusa, uJesu wabonakala emi ogwini, kodwa abafundi babengazi ukuthi nguYena. UJesu wathi kubo: “Bantwana, aninakho yini ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.” Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene sesikebhe, nizakubamba.” Base beliphonsa, kodwa behluleka ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. Ngakho-ke lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPhethro: “YiNkosi.” USimoni Phethro, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa olwandle. Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe bedonsa inetha elinezinhlanzi, ngokuba babengekude nogu, kungaba yibanga elingamakhubhithi angama-200. Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.” USimoni Phethro wasuka, walihudulela emhlabathini inetha. Laligcwele izinhlanzi ezinkulu eziyi-153. Nakuba izinhlanzi zaziziningi kangako, nokho inetha alidabukanga. UJesu wathi kubo: “Wozani nizokudla.” Kepha akekho kubafundi owaba nesibindi sokumbuza, athi: “Ungubani Wena na?” Kwabacacela ukuthi yiNkosi. UJesu weza, wathatha isinkwa, wabapha, nangezinhlanzi wenza kanjalo. Lokhu kwase kungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.

NgokukaJohane 21:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje: kwakukhona ndawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba.” Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Base bephuma, bangena emkhunjini; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho. Kuthe sekusa, uJesu wayemi ogwini. Kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.” Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola.” Base bephonsa, ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: “YiNkosi.” USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle. Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili, bedonsa inetha linezinhlanzi. Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.” Wasuka uSimoni Petru, walihudulela emhlabathini inetha. Ligcwele izinhlanzi ezinkulu, ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; noma zingako, inetha alidabukanga. UJesu wathi kubo: “Wozani nidle.” Kepha akwabakho kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ngokuthi: “Ungubani wena na?” Bazi ukuthi yiyo iNkosi. UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi. Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.

NgokukaJohane 21:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)