NgokukaJohane 2:9-11
NgokukaJohane 2:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye: “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.” Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.
NgokukaJohane 2:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi umphathi wokudla esewanambithile amanzi abenziwe iwayini, engazi lapho elivela khona, (kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazisazi), umphathi wokudla wabiza umyeni; Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.
NgokukaJohane 2:9-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi umphathi wokudla esewanambithile amanzi abenziwe iwayini, engazi lapho elivela khona, (kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazisazi), umphathi wokudla wabiza umyeni; Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.
NgokukaJohane 2:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, kodwa engazi ukuthi livela kuphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazi, wabiza umyeni. Wathi kuye: “Wonke umuntu ukhipha iwayini elimnandi kuqala, kuthi uma abantu sebephuze kakhulu, akhiphe elibi, kodwa wena ugcine iwayini elimnandi kuze kube manje.” Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.