NgokukaJohane 2:12-25
NgokukaJohane 2:12-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emva kwalokho, wehlela eKhaphernawume: Yena nonina nabafowabo nabafundi bakhe, bahlala lapho izinsukwana ezimbalwa. Lase lisondele iPhasika labaJuda, uJesu wenyukela eJerusalema. Wafumana ethempelini ababethengisa ngezinkomo, ngezimvu nangamajuba, abanye behlezi beshintsha imali. Wayesephotha inkalivasi ngezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, izimvu nezinkomo; wasakaza imali yabashintshisayo, wagumbuqela amatafula. Wathi kulabo abathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengiselana.” Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.” Ngakho-ke abaJuda bambuza, bathi: “Usibonisa sibonakaliso sini ngokwenza lokhu na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Dilizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.” AbaJuda bathi kuye: “Leli thempeli lathatha iminyaka engama-46 lakhiwa, wena uthi uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?” Kepha uJesu wayekhuluma ngethempeli elingumzimba wakhe. Ngakho-ke kuthe esevusiwe kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho. Bakholwa ngumbhalo nayizwi uJesu ayelikhulumile. Kwathi uJesu eseJerusalema ngoMkhosi wePhasika, abaningi bakholwa egameni lakhe lapho bebona izibonakaliso azenzayo. Kepha uJesu akazange abethembe, ngokuba wayebazi bonke ubunjalo babo. Wayengadingi futhi ukuba atshelwe ngomuntu, lokhu wayekwazi okungaphakathi kumuntu.
NgokukaJohane 2:12-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe; bahlala khona izinsuku ezingeziningi. Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nezimvu namajuba, nabashintshi bemali behlezi. Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula; Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela. Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile. Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Usibonisa isibonakaliso sini, lokhu wenza lokhu na? UJesu waphendula wathi kubo: Dilizani lelithempeli, njalo ngensuku ezintathu ngiyakulivusa. Base bethi abaJuda: “Leli thempeli iminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uyakulivusa ngezinsuku ezintathu na? Kodwa yena wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo. Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo. Kodwa uJesu kazinikelanga kubo, ngoba ebazi bonke; Kwakungasweli muntu ukuthi afakaze ngomuntu, ngoba yena wayekwazi okukumuntu.
NgokukaJohane 2:12-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi. Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali. Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula, wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.” Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.” Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: “Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.” Ngakho bathi abaJuda: “Leli thempeli kwaba yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?” Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu. Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo; kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke, nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.
NgokukaJohane 2:12-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)