NgokukaJohane 17:9-11
NgokukaJohane 17:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyabakhulekela; angikhulekeli umhlaba, kodwa kuphela labo ongiphe bona, ngokuba bangabakho. Konke okwami kungokwakho, nalokho okungokwakho kungokwami. Ngikhazimulisiwe kubo. Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.
NgokukaJohane 17:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona, ngokuba bengabakho. Konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; ngikhazimulisiwe kubona. Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.
NgokukaJohane 17:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe, kodwa labo onginike bona; ngoba bangabakho. Futhi konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; futhi ngiyakhazinyuliswa kubo. Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi.
NgokukaJohane 17:9-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)