NgokukaJohane 17:6-19
NgokukaJohane 17:6-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngilibonakalisile igama lakho kubantu onginike bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho. Khathesi sebesazi ukuthi zonke izinto onginike zona zivela kuwe. Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile. Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe, kodwa labo onginike bona; ngoba bangabakho. Futhi konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; futhi ngiyakhazinyuliswa kubo. Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi. Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo. Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Kangiceli ukuthi ubasuse emhlabeni, kodwa ukuthi ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso. Njengoba wangithuma emhlabeni, lami ngibathumile emhlabeni. Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.
NgokukaJohane 17:6-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngilibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasemhlabeni. Babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho. Sebeyazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe. Ngokuba amazwi ongiphe wona, ngibaphile wona, bawamukela; bazi impela ukuthi ngavela kuwe, futhi bakholwa ukuthi ngithunywe nguwe. Ngiyabakhulekela; angikhulekeli umhlaba, kodwa kuphela labo ongiphe bona, ngokuba bangabakho. Konke okwami kungokwakho, nalokho okungokwakho kungokwami. Ngikhazimulisiwe kubo. Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi. Ngesikhathi ngisenabo emhlabeni, ngibalondile egameni lakho labo onginike bona. Ngibalondile, akwalahleka namunye kubo, kuphela lowo owayemiselwe ukulahlwa, ukuze kugcwaliseke umbhalo. “Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba. Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owomhlaba. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela emhlabeni, nami ngibathumela emhlabeni. Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.
NgokukaJohane 17:6-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho. Sebazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe. Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena. Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona, ngokuba bengabakho. Konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; ngikhazimulisiwe kubona. Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi. Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo. “Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni. Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.
NgokukaJohane 17:6-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)