NgokukaJohane 16:1-15
NgokukaJohane 16:1-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze lingakhubeki. Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu. Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina. Kepha nginitshelile lezizinto, ukuze kuthi lapho kufika isikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona. Futhi lezi zinto angishongo kini ekuqaleni, ngoba nganginani. Kepha manje ngiyahamba ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuzayo ukuthi: Uya ngaphi na? Kodwa ngokuba ngikhulume lokho kini, usizi lugcwele enhliziyweni yenu. Nokho nginitshela iqiniso; kunilungele ukuba ngimuke, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Njalo nxa esefikile yena, uzalaya ilizwe ngesono, langokulunga, langokwahlulela; ngesono, ngoba bengakholwa kimi; Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; ngokwahlulela, ngokuba umbusi walumhlaba usegwetshiwe. Ngisenezinto eziningi engizonitshela zona, kodwa ningekuthwale manje. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Yena uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakwamukela okwami, anibikele khona. Konke uBaba anakho kungokwami
NgokukaJohane 16:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Nginitshele lokhu ukuze ningakhubeki. Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu. Bayakukwenza lokho ngokuba bengamazanga uBaba nami. Kepha nginitshelile ngalezo zinto ukuze kuthi lapho sekufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela ngazo; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.” “Kepha manje sengiyahamba, ngiya kongithumileyo kodwa akekho phakathi kwenu ongibuzayo athi: ‘Uya kuphi na?’ Ngokuba ngikhulume lokhu kini, inhliziyo yenu isigajwe wusizi. Kepha Mina nginitshela iqiniso: kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngeke eze kini, kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile Yena, uyokulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela. Mayelana nesono, ngokuba bengakholwa yimi; ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, anisayukubuye ningibone; ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli lizwe wahlulelwe. “Kusekuningi enginganitshela khona, kodwa manje ningekuthwale. Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho, kungokwami; yingakho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele khona.
NgokukaJohane 16:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Lokho ngikukhulume kini ukuba ningakhubeki. Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu. Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami; kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani. “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’ Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi. Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela: ngesono, ngokuba bengakholwa yimi; ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe. “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.
NgokukaJohane 16:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)