NgokukaJohane 15:1-12
NgokukaJohane 15:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu. Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina. Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami. “Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe. Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale. “Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.
NgokukaJohane 15:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi. Amagatsha wonke akimi angatheli isithelo uyawasusa; Nina senihlambulukile ngezwi engilikhulume kini. Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuthi lihlala emvinini; anisakwazi, uma ningahlali kimi. Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa. UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami. Njengalokhu uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe. Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale. Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.
NgokukaJohane 15:1-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 15:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu. Nina senihlanzekile ngenxa yezwi engilikhulume kini. Hlalani kimi, nami kini. Njengokuba igatsha lingezithele izithelo ngokwalo, kuphela uma lisemvinini, kanjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha. Ohlala kimi, nami kuye, lowo-ke uthela izithelo eziningi, ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu, ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami. “Njengalokhu uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe. “Nginitshelile lokhu ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime.” “Yilo umyalo wami wokuba nithandane njengalokho nami nginithandile.