NgokukaJohane 14:25-29
NgokukaJohane 14:25-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lezizinto ngizikhulume kini ngisenani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona. Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi; Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami. Kalokhu nginitshelile kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe.
NgokukaJohane 14:25-29 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Lezizinto ngizikhulume kini ngisenani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona. Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi; Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami. Kalokhu nginitshelile kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe.
NgokukaJohane 14:25-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Nginitshelile lokhu ngisahleli nani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona. “Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi. “Nizwile, nganitshela ngathi: ngiyahamba, kodwa ngiyakubuya ngize kini. Uma ningithanda beniyojabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami. Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe lapho sekwenzekile.
NgokukaJohane 14:25-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona. Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi. “Nizwile ukuthi nganitshela ngathi: Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami. Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe, nxa sekwenzekile.