NgokukaJohane 14:16-20
NgokukaJohane 14:16-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade; UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini. Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.
NgokukaJohane 14:16-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade; UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini. Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.
NgokukaJohane 14:16-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakucela kuBaba ukuba aniphe omunye uMduduzi ukuba ahlale kini kuze kube phakade; uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, futhi lingamazi. Nina niyamazi Yena, lokhu uhlala nani, uyakuba kini. “Angiyukunishiya niyizintandane, kodwa ngiyakubuya ngize kini; kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi ukuthi Mina ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.
NgokukaJohane 14:16-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.