NgokukaJohane 11:25-27
NgokukaJohane 11:25-27 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu wathi kuye: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efile, wophila. Nalowo ophilayo ekholwa yimi kasoze afa naphakade. Uyakukholwa lokhu na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu obezakuza emhlabeni.
NgokukaJohane 11:25-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi noma efa uyakuphila, nalowo ophilayo, akholwe yimi, akasoze afa nanini. Uyakukholwa yilokho na?” Waphendula, wathi: “Yebo Nkosi, ngiyakholwa ukuthi Wena unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza emhlabeni.”
NgokukaJohane 11:25-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.”
NgokukaJohane 11:25-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)