NgokukaJohane 11:1-36

NgokukaJohane 11:1-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwakukhona ogulayo othile, uLazaru waseBethaniya, umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. (Kwakunguye uMariya owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula.) Ngakho odadewabo bathumela kuye, besithi: Nkosi, khangela, omthandayo uyagula. UJesu esekuzwile wathi: Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungokwenkazimulo kaNkulunkulu, ukuze iNdodana kaNkulunkulu ikhazinyuliswe ngakho. Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. Khona esezwile ukuthi uyagula, wahlala izinsuku ezimbili kuleyo ndawo ayekuyo. Khona emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye siye eJudiya. Abafundi bakhe bathi kuye: Rabi, abaJuda sebefuna ukukukhanda ngamatshe; futhi uya khona futhi? UJesu waphendula wathi: Kawakho yini amahola alitshumi lambili emini? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kepha uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba akukho ukukhanya kuye. Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni. Base bethi abafundi bakhe: Nkosi, uma elele, uyakusinda. Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokuphumula ebuthongweni. Khona uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; Ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; nokho asiye kuye. Khona uTomase, othiwa uDidimu, kubafundi abakanye naye: Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye. Khona esefikile uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine elele ethuneni. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba amastadiyu ayishumi nanhlanu. Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo. Khona uMarta esezwile ukuthi uJesu uyeza, wamhlangabeza; kepha uMariya wahlala endlini. UMarta wayesethi kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga. Kodwa ngiyazi lakhathesi ukuthi loba yini ongayicela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakunika. UJesu wathi kuye: “Umfowenu uzakuvuka futhi. UMarta wathi kuye: Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina. UJesu wathi kuye: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efile, wophila. Nalowo ophilayo ekholwa yimi kasoze afa naphakade. Uyakukholwa lokhu na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu obezakuza emhlabeni. Eseshilo lokho wamuka, wabiza udadewabo uMariya ngasese, wathi: “UMfundisi ufikile, uyakubiza. Wathi ekuzwa lokho wasuka masinyane, weza kuye. Kepha uJesu wayengakafiki emzini, kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo. AmaJuda ayenaye endlini emduduza, ebona uMariya esukuma masinyane waphuma, amlandela, ethi: “Uya ethuneni ukuyokhala khona. Kwathi uMariya efika lapho uJesu ekhona, embona, wawa phansi ezinyaweni zakhe, wathi kuye: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga. Kwathi uJesu embona ekhala, nabaJuda ababeze naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka; Wathi: “Nimbeke ngaphi na? Basebesithi kuye: Nkosi, woza ubone. UJesu wakhala izinyembezi. Ngakho amaJuda athi: Khangelani ukuthi wayemthanda kangakanani!

NgokukaJohane 11:1-36 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 11:1-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwakukhona othile owayegula, onguLazaru waseBhethaniya, isigodi okwakuhlala kuso uMariya nodadewabo uMartha. UMariya owayegulelwa nguLazaru umnewabo, nguye lowo owagcoba ngamafutha iNkosi uJesu, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe. Ngakho-ke odadewabo bathumela kuJesu, bathi: “Nkosi, bheka, umngani wakho omkhonzile uyagula.” UJesu ekuzwa lokho, wathi: “Lokhu kugula akukhona okokufa, kodwa ukuze kudunyiswe uNkulunkulu, neNdodana kaNkulunkulu idunyiswe ngakho.” UJesu wayebathanda oMartha nodadewabo noLazaru. Ngakho-ke lapho esezwa ukuthi uLazaru uyagula, wahlala izinsuku ezimbili kuleyo ndawo ayekuyo. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Masihambe, siphindele eJudiya.” Abafundi bathi kuye: “Rabi, akukapholi maseko abaJuda befuna ukukukhanda ngamatshe, usuya khona futhi na?” UJesu waphendula, wathi: “Imini ayinawo yini amahora ali-12 na? Uma umuntu ehamba emini akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli lizwe. Kepha uma ehamba ebusuku uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.” Wakukhuluma lokho, qede wathi kubo: “ULazaru, umngani wethu ulele, kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.” Ngakho-ke abafundi bakhe bathi kuye: “Nkosi, uma elele, uzosinda.” Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kodwa bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo. Ngakho-ke uJesu wabatshela ngokucacileyo wathi kubo: “ULazaru ufile. Kepha ngiyathokoza ngenxa yenu ngokuthi bengingekho lapho, ukuze nikholwe, kodwa masihambe siye kuye.” Khona uThomase okuthiwa nguDidimu, wathi kwabanye abafundi ababenaye: “Masihambe nathi, ukuze sife kanye naye!” Esefikile uJesu, wafumana ukuthi usenezinsuku ezine uLazaru esethuneni. IBhethaniya laliseduze neJerusalema, kungamastadiyu ali-15. Iningi labaJuda lalifikile ukuzoduduza uMartha noMariya ngomnewabo. UMartha ezwa ukuthi uJesu uyeza, wamhlangabeza, kodwa uMariya wayehleli endlini. UMartha wathi kuJesu: “Nkosi, ukuba ubukhona, umfowethu ngabe akafanga. Kepha namanje, ngiyazi ukuthi noma yini ongayicela kuNkulunkulu, uzakukunika yona.” UJesu wathi: “Umfowenu uzakuvuka.” UMartha wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngomhla wokuphela.” UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi noma efa uyakuphila, nalowo ophilayo, akholwe yimi, akasoze afa nanini. Uyakukholwa yilokho na?” Waphendula, wathi: “Yebo Nkosi, ngiyakholwa ukuthi Wena unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza emhlabeni.” Esekushilo lokho uMartha, wahamba wayobiza uMariya, udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, futhi uyakubiza.” Lapho ekuzwa lokho, uMariya wathi lacu masinyane, waya kuye. Kepha uJesu wayengakafiki emzini; wayesekuleyo ndawo uMartha ayemhlangabeze kuyo. Ngakho-ke abaJuda ababenaye endlini bemduduza, kuthe bebona uMariya esukuma ngokushesha ephuma, bamlandela, ngoba babecabanga ukuthi uya ethuneni ukuba ayokhala khona. Ngakho uMariya esefikile lapho uJesu ayekhona, wathi ukuba ambone wazilahla ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, ukuba ubukhona, umfowethu ngabe akafanga.” Ngakho-ke uJesu embona ekhala, nabaJuda ababefike naye bekhala, wathinteka kakhulu emoyeni, wakhathazeka, wayesethi: “Nimngcwabe kuphi na?” Bathi kuye: “Nkosi, woza uzobona.” UJesu wakhala izinyembezi. Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, indlela abemkhonze ngayo.”

NgokukaJohane 11:1-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula. Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.” UJesu esekuzwile lokho wathi: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.” Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.” Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?” UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.” Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.” Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.” Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.” Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu. Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini. Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga; kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.” UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.” UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.” UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.” Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, uyakubiza.” Yena-ke ekuzwa lokho wasuka masinyane, waya kuye. Kepha uJesu wayengakafiki emzini, kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo. AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza, bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: “Uya ethuneni ukuba akhale khona.” UMariya esefike lapho ekhona uJesu, embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.” Ngakho uJesu embona ekhala, nabaJuda abafika naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka; wathi: “Nimbekephi na?” Bathi kuye: “Nkosi, woza ubone.” UJesu wakhala izinyembezi. Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo