NgokukaJohane 1:38-39
NgokukaJohane 1:38-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Basebesithi kuye: Rabi, (okutsho ukuthi, Mfundisi,) uhlala ngaphi? Wathi kubo: Wozani nibone. Beza babona lapho ehlala khona, bahlala naye lolo suku, ngokuba kwakungaba yihora leshumi.
NgokukaJohane 1:38-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu waphenduka, wababona bemlandela, wathi kubo: “Nifunani na?” Bathi: “Rabi,” okusho ukuthi Mfundisi: “Uhlala kuphi na?” Wabaphendula wathi: “Wozani nibone.” Ngakho-ke bahamba, babona lapho ehlala khona, bahlala naye ngalolo lusuku; cishe kwase kuyihora leshumi.
NgokukaJohane 1:38-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: “Nifunani na?” Bathi kuye: “Rabi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, “uhlalaphi na?” Wathi kubo: “Wozani nibone.” Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.
NgokukaJohane 1:38-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)