NgokukaJohane 1:35-39
NgokukaJohane 1:35-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nangakusasa uJohane wayemi nabafundi bakhe ababili. Kuthe ebona uJesu edlula, wathi: “Nanti iWundlu likaNkulunkulu.” Abafundi ababili bamuzwa ekhuluma, base bemlandela uJesu. UJesu waphenduka, wababona bemlandela, wathi kubo: “Nifunani na?” Bathi: “Rabi,” okusho ukuthi Mfundisi: “Uhlala kuphi na?” Wabaphendula wathi: “Wozani nibone.” Ngakho-ke bahamba, babona lapho ehlala khona, bahlala naye ngalolo lusuku; cishe kwase kuyihora leshumi.
NgokukaJohane 1:35-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe. Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.” Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu. Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: “Nifunani na?” Bathi kuye: “Rabi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, “uhlalaphi na?” Wathi kubo: “Wozani nibone.” Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.
NgokukaJohane 1:35-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe; Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu! Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu. UJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Basebesithi kuye: Rabi, (okutsho ukuthi, Mfundisi,) uhlala ngaphi? Wathi kubo: Wozani nibone. Beza babona lapho ehlala khona, bahlala naye lolo suku, ngokuba kwakungaba yihora leshumi.
NgokukaJohane 1:35-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)