NgokukaJohane 1:1-14
NgokukaJohane 1:1-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe. Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni; ubumnyama abukwamukelanga. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengofakazi bokukhanya. Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe; Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
NgokukaJohane 1:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ekuqaleni wayekhona uLizwi. ULizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo, wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Konke kwavela ngaye; akukho lutho olwadalwayo kukho konke okudaliweyo, olungavelanga ngaye. Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwazanga ukukucima. Kwafika umuntu owayethunywe nguNkulunkulu, igama lakhe nguJohane. Wezela ukuba ngufakazi, ofakaza ngokukhanya ukuze bonke abantu bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kodwa wayengozofakaza ngokukhanya. Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni. ULizwi wayekhona ezweni. Izwe lavela ngaye, kodwa izwe alimazanga. Weza kokwakhe, kodwa abakhe abamemukelanga. Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, abangazalwanga ngagazi, ngandlela yemvelo noma ngantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu. ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
NgokukaJohane 1:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo. Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu; ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya. Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
NgokukaJohane 1:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)