UJeremiya 7:1-7
UJeremiya 7:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi: “Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi: “ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo. Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.” Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale, ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.
UJeremiya 7:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwafika kuJeremiya izwi livela kuSimakade, lithi: “Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Lungisani izindlela nezenzo zenu, khona ngizonenza nakhe kule ndawo. Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.” “ ‘Ngokuba uma nizilungisa ngempela izindlela nezenzo zenu, nenze ubulungiswa ngempela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale, ngiyakunenza nina nakhe kule ndawo, ezweni engalinika okhokho benu, kusukela emandulo kuze kube phakade.
UJeremiya 7:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi: Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze khona leli zwi, uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda abangena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nginihlalise kule ndawo. Ningethembi emazwini amanga athi: Ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, yilo. Ngokuba uma niguqula ngokuphelele izindlela zenu nezenzo zenu; uma nahlulela ngokuphelele phakathi komuntu nomakhelwane wakhe; Uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, ningalandeli abanye onkulunkulu, kube kukubi; Ngiyakunihlalisa kule ndawo, ezweni engalinika oyihlo, kuze kube phakade naphakade.