UJeremiya 3:13-14
UJeremiya 3:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade. “Buyani, bantu abahlubukayo,” kusho uSimakade. “Ngokuba ngiyiNkosi yenu, ngizothatha abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eZiyoni.
UJeremiya 3:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova. “Buyani, bantwana abahlehlayo,” usho uJehova, “ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eSiyoni
UJeremiya 3:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Vuma kuphela ububi bakho, ukuthi weqe kuJehova uNkulunkulu wakho, wahlakaza izindlela zakho kwabafokazi phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, anililalelanga izwi lami, usho uJehova. Phendukani nina bantwana bahlukumezi, usho uJehova; ngoba nginigane, futhi ngizonithatha abe munye emzini nababili emndenini, nginiyise eSiyoni.