UJeremiya 29:11-13
UJeremiya 29:11-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba. Niyakungibiza, nize nikhuleke kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
UJeremiya 29:11-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba. Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
UJeremiya 29:11-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba. Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela; Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke.