UJeremiya 25:11-12
UJeremiya 25:11-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo, lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBhabhele iminyaka engama-70. “Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade.
UJeremiya 25:11-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso, nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa. “Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile, ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso,” usho uJehova, “ngobubi babo, kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade.
UJeremiya 25:11-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Futhi lonke leli zwe liyoba ihlane kanye nesimangaliso; lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa. “Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile, ngiyakuhambela inkosi yaseBabele nalesi sizwe,” usho uJehova, “ngenxa yobubi babo nezwe lamaKaledi, ngilenze incithakalo kuze kube phakade.