UJeremiya 11:1-17

UJeremiya 11:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi: “Zwanini amazwi alesi sivumelwano, nikhulume kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi kubo: Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Makaqalekiswe umuntu ongezwa amazwi alesi sivumelwano, engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu, ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi’ – njenganamuhla.” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Jehova.” Wayesethi uJehova kimi: “Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, uthi: ‘Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwenze. Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.” Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza, kepha kabawenzanga.’ ” Wayesethi uJehova kimi: “Kufunyenwe uzungu phakathi kwabantu bakwaJuda naphakathi kwabakhileyo eJerusalema. Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze: indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa. Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakukhala konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa neze ngesikhathi sokuhlupheka kwabo. Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti* ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.’ “Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo. “Othandiweyo wami unani endlini yami lapho enza amacebo nabaningi na? Inyama engcwele ingavela kuwe, lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?” UJehova wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle; ngomsindo wesidumo esikhulu uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo. “UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”

UJeremiya 11:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi: Zwanini amazwi alesi sivumelwano, nikhulume kubantu bakwaJuda nakubakhileyo eJerusalema; uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; Uqalekisiwe umuntu ongawalaleli amazwi alesi sivumelwano. Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; ukuze ngigcwalise isifungo engasifunga koyihlo, ukubanika ilizwe elichichima ubisi lezinyosi, njengalamuhla. Ngasengiphendula ngathi: Makube njalo, Jehova; INkosi yasisithi kimi: Memeza wonke lamazwi emizini yakoJuda lezitaladeni zeJerusalema uthi: Zwanini amazwi alesisivumelwano, liwenze. Ngokuba ngabasola nokusola oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngivuka ekuseni ngibasola, ngathi: ‘Lalelani izwi lami. Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo, kodwa bahamba, ngulowo lalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngalokho ngiyakubehlisela onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuba bawenze; kodwa abazange. UJehova wathi kimi: “Kwafunyanwa ugobe phakathi kwabantu bakwaJuda naphakathi kwabakhileyo eJerusalema. Babuyela ezonweni zabokhokho babo, abenqaba ukulalela amazwi ami; balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze; indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda basephulile isivumelwano sami engasenza nawoyise. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangenakubaleka; futhi noma bebiza Kimi, ngeke ngibalalele. Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakuhamba, bakhale konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa nhlobo ngesikhathi sokucindezeleka kwabo. Ngoba onkulunkulu bakho, Juda, babenjengomumo wemizi yakho; futhi ngokwenani lezitaladi zaseJerusalema namisa ama-altare ehlazweni, ama-altare okushunqisa uBhali. Khona-ke ungabakhulekeli laba bantu, futhi ungabaphakamiseli ukukhala noma umkhuleko, ngoba ngeke ngibezwe ngesikhathi bekhala kimi ngosizi lwabo. Kube kuhle kimi ukwenzani endlini yami, lapho ehlazekile nabaningi, nenyama engcwele idlulile kuwe na? uma wenza okubi, uyajabula. UJehova waqamba igama lakho ngokuthi: Umnqumo oluhlaza, omuhle nesithelo esihle; ngomsindo wesiyaluyalu esikhulu waphemba umlilo phezu kwawo, kwaphulwa amagatsha awo. Ngokuba uJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi ngawe ngenxa yobubi bendlu yakwa-Israyeli nendlu yakwaJuda ababenza bona ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.

UJeremiya 11:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, lithi: “Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwatshele bonke abantu bakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, uyothi kubo usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uqalekisiwe umuntu ongawalaleli amazwi alesi sivumelwano, engayala ngaso okhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, esithandweni sensimbi, athi: “Yizwani izwi lami, nikwenze konke lokho enginiyala ngakho, niyoba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu; ukuba ngifeze isifungo engasifunga kokhokho benu, sokubanika izwe elichichima ubisi noju,” njengoba kwenzeka namuhla.’ ” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Simakade.” USimakade wayesethi kimi: “Memezela wonke lawa mazwi emizini kwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, uthi: ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwenze. Ngokuba okhokho benu ngabayala nokubayala ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla, ngabayala ngathi: “Lalelani izwi lami.” “ ‘Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kulo, kodwa bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi. Ngehlisela phezu kwabo wonke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuba basigcine, kodwa abasigcinanga.’ ” USimakade wayesethi kimi: “Kukhona uzungu phakathi kwabantu bonke bakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema. Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo. Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa. Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakuhamba, bakhale konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayukubasindisa nakancu, lapho behlelwa yinhlekelele. Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’ “Ngalokho-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabenzeli izinxuso; ungabakhulekeli, ngokuba angiyukubalalela mhla bekhala kimi ngenhlekelele yabo. “Unalungelo lini othandiweyo wami endlini yami, lapho enza izinto eziningi ezimbi na? Inyama eyehlukaniselwe ingasiguqula yini isijeziso sakho, ujabule ngokwenza okubi na?” USimakade wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle. Kepha ngomsindo wesiphepho esikhulu, uyakuphemba umlilo kuwo, kuphuke amagatsha awo. “USimakade Wamabandla owakutshala ukhulume okubi ngawe, ngenxa yobubi obenziwe yindlu ka-Israyeli nendlu yakwaJuda, bachukuluza ulaka lwami ngokushisela uBhali impepho.”