UJeremiya 1:1-9
UJeremiya 1:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini, okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe; lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu. Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.” Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova. UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.
UJeremiya 1:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, omunye wabaphristi ababese-Anathothi ezweni lakwaBhenjamini. Izwi likaSimakade lafika kuye ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni inkosi yakwaJuda, ngonyaka we-13 wokubusa kwakhe. Labuye lafika nangesikhathi sokubusa kukaJehoyakimu, indodana kaJosiya inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, indodana kaJosiya kwaJuda, kwaze kwaba ngukuthunjwa kweJerusalema ngenyanga yesihlanu. Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.” Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade. USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.
UJeremiya 1:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amazwi kaJeremiya indodana kaHilikiya wabapristi base-Anathoti ezweni lakwaBenjamini: okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe. Lafika futhi emihleni kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka weshumi nanye kaSedekiya, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekuthunjweni kweJerusalema etilongweni. Ngenyanga yesihlanu. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ngingakakubumbi esizalweni, ngakwazi; ungakaphumi esizalweni, ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni. Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! bheka, angikwazi ukukhuluma ngoba ngiyingane. Kodwa uJehova wathi kimi: Ungatsho ukuthi: Ngingumntwana, ngoba kumele uye kukho konke engikuthuma khona, lakho konke engikuyala ngakho, uzakukhuluma. Ungabesabi ubuso babo, ngokuba nginawe ukuba ngikusindise,” usho uJehova. UJehova wayeseselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami. Wayesethi uJehova kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.