AbAhluleli 7:9-15
AbAhluleli 7:9-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalobo busuku uSimakade wathi kuye: “Vuka wehlele enkanjini, ngokuba ngiyinikele esandleni sakho. Kepha uma wesaba ukuyihlasela, yehlela enkanjini nenceku yakho uPhura, uyokuzwa abakushoyo, emveni kwalokho uyakuqina idolo, wehlele enkanjini.” Wahamba noPhura, inceku yakhe, waya emaphethelweni alabo abahlomile ababesenkanjini. AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle. Ngesikhathi efika uGideyoni, enye yamadoda yayixoxela umngani wayo iphupho layo, ithi: “Ngibe nephupho; ngiphuphe iqebelengwane lesinkwa esiyindilinga sebhali ligingqikela enkanjini yakwaMidiyani. Lifike lashaya ithende lawa, lagumbuqela, lapatalala.” Umngani wayo waphendula wathi: “Lokhu akusho lutho ngaphandle kokuthi inkemba kaGideyoni, indodana kaJowashi, indoda yakwa-Israyeli, uNkulunkulu unikele esandleni sayo uMidiyani nempi yakhe yonke.” Lapho uGideyoni elizwa iphupho nencazelo yalo, wakhuleka, wayesebuyela enkanjini yakwa-Israyeli, wafike wathi: “Vukani, ngokuba uSimakade uyinikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.”
AbAhluleli 7:9-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka, wehlele empini; ngoba ngiyinikele esandleni sakho. Kodwa uma wesaba ukwehla, yehla uye empini kanye nenceku yakho uFura; Futhi kumelwe uzwe lokho abakushoyo; ngasemuva izandla zakho ziyakuqiniswa ukuba wehlele empini. Wayesehla noPhura inceku yakhe, baya ngaphandle kwabahlomile ababesempini. AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi. Lapho uGideyoni efika, bheka, kwakukhona umuntu owaxoxela umngane wakhe iphupho, wathi: “Bheka, ngiphuphe iphupho, bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali liwela phakathi kwebutho lakwaMidiyani nasetendeni, layishaya. Yawa, yawugumbuqela, kwaze kwalala itende ngohlangothi lwayo. Umngane wakhe waphendula wathi: “Akusilutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni, indodana kaJowashi, indoda yakwa-Israyeli, ngokuba uNkulunkulu wanikela esandleni sakhe abakwaMidiyani nayo yonke impi.” Kwathi uGideyoni esizwa indaba yephupho nokuchazwa kwalo, wakhuleka, wabuyela ebuthweni lakwa-Israyeli, wathi: “Sukumani! ngokuba uJehova unikele impi yakwaMidiyani esandleni sakho.
AbAhluleli 7:9-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho. Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu; uzakuzwa ukuthi bathini, andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu.” Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu. AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi. Lapho efika uGideyoni, bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: “Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali* lagingqikela ekamu lakwaMidiyani, lafika etendeni, lalishaya laze lawa, laligumbuqela, labhadalala.” Umngane wakhe waphendula wathi: “Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi, umuntu wakwa-Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.” Kwathi uGideyoni ekuzwa ukulandwa kwephupho nokuchazwa kwalo, wakhuleka; wabuyela ekamu lakwa-Israyeli, wathi: “Vukani, ngokuba uJehova unikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.”