AbAhluleli 7:5-6
AbAhluleli 7:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wehlela ngasemanzini namabutho; uSimakade wathi kuGideyoni: “Bonke labo abaxhapha amanzi ngolimi njengokuxhapha kwenja, bamise nganhlanye; nabo bonke labo abaguqa ngamadolo ukuba baphuze bebeka izandla emilonyeni yabo, nabo bamise nganhlanye.” Inani lalabo abawaxhaphayo, bebeke izandla emilonyeni yabo, kwakungamadoda angama-300, kepha bonke abanye baguqa phansi ngamadolo ukuba baphuze amanzi.
AbAhluleli 7:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesebehlisela abantu ngasemanzini; uJehova wathi kuGideyoni: “Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa, kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.” Umumo wabaxhaphayo bebeka isandla emlonyeni wawungamadoda angamakhulu amathathu, kepha bonke abanye abantu baguqa ngamadolo ukuba baphuze amanzi.
AbAhluleli 7:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayesethi abantu behlela emanzini; uJehova wathi kuGideyoni: “Yilowo nalowo okhotha amanzi ngolimi lwakhe njengokukhotha kwenja, makamyeke; kanjalo wonke oguqa ngamadolo ukuze aphuze. Inani labakhothayo babeka isandla emlonyeni wabo lalingamakhulu amathathu; kepha bonke abanye abantu baguqa ngamadolo ukuba baphuze amanzi.