AbAhluleli 3:15-30

AbAhluleli 3:15-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi. U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubude bayo buyikhubhithi, wayibophela ethangeni lakhe lakwesokunene ngaphansi kwezingubo zakhe. Wahambisa umnikelo ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi. U-Egiloni wayekhuluphele kakhulu. U-Ehudi eseqedile ukwethula umnikelo ku-Egiloni, wabamukisa abantu ababethwele umnikelo. Kepha yena waphenduka eduze nesithombe setshe esasiqoshwe eduze neGiligali, wabuyela emuva, wathi: “Nginombiko oyimfihlo engimele ngikutshele wona, nkosi.” Inkosi yathi: “Thulani.” Zonke izinceku zayo zaphuma lapho yayikhona. U-Ehudi weza kuyo ngesikhathi ihleli yodwa ophahleni ekamelweni layo elipholile, wathi: “Nginomyalezo wakho ovela kuNkulunkulu.” Yayisisukuma esihlalweni sayo. U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sasekhohlo wahosha inkemba yakhe eyayisethangeni lakhe lesokunene, wamgwaza ngayo u-Egiloni esiswini; inkemba yangena nesibambo sayo yaze yayophumela emhlane. Yambozeka emafutheni ngokuba u-Ehudi wayengazange ayikhiphe esiswini sika-Egiloni. U-Ehudi waphumela emhubheni wavala iminyango yekamelo eliphezulu, wayihluthulela. Esehambile u-Ehudi, izinceku zangena, lapho zithola ukuthi iminyango yekamelo eliphezulu ihluthulelwe, zathi: “Mhlawumbe inkosi iyazikhulula ekamelweni layo elipholile.” Zalinda zaze zakhathala. Kwathi ukuba zibone ukuthi ayiyivuli iminyango yekamelo eliphezulu, zathatha isihluthulelo zavula. Bheka, zayithola inkosi yazo iwele phansi ifile. U-Ehudi waphulukundlela ngesikhathi zisalindile, wedlula ezithombeni ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri. Kwathi ukuba afike lapho, washaya icilongo ekwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli behla naye kwelezintaba, ebahola. Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uSimakade uzinikele esandleni senu izitha zenu zakwaMowabi.” Behla bemlandela, bavimba emazibukweni omfula iJordani awelela kwaMowabi, abaze bavumela muntu ukuba awele kuwo. Ngaleso sikhathi babulala abakwaMowabi abayizi-10 000 abanamandla, amadoda ayizidlakela, akuzange kuphunyuke namunye. Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.

AbAhluleli 3:15-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi. U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombili, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene. Wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi isipho, kepha u-Egiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu. Kwathi eseqedile ukumnika isipho, wamukisa abantu ababesithwele isipho. Kepha yena wabuya endaweni yezithombe ezibaziweyo engaseGiligali, wathi: “Nginendaba eyisifuba kuwe nkosi.” Wathi: “Thulani.” Base bephuma bonke ababemi ngakuye. U-Ehudi wasondela kuye; wayehlezi ekamelweni eliphezulu elipholileyo; wayesethi u-Ehudi: “Nginodaba oluvela kuNkulunkulu kuwe.” Wasukuma esihlalweni sakhe. U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe; kwangena nesibambo emva kwenkemba, amanoni azungeza inkemba, ngokuba akayikhiphanga inkemba esiswini sakhe; yaphumela emuva. U-Ehudi wayesephumela ekamelweni eliphambili, wazivalela iminyango yekamelo eliphezulu, wayihluthulela. Nxa esephumile yena, kwafika izinceku zakhe; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: “Mhlawumbe uyembesa ezinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.” Zalinda zaze zajabha; bheka, akayivulanga iminyango yekamelo eliphezulu; ngalokho zathatha ukhiye, zayivula; bheka, inkosi yazo yayiwele phansi ifile. U-Ehudi waphunyuka zisalinda, wadlula endaweni yezithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri. Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo. Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu abakwaMowabi esandleni senu!” Behla emva kwakhe, bavimba amazibuko aseJordani ababewela ngawo abakwaMowabi, abavumanga ukuba kuwele muntu. Babulala kwabakwaMowabi ngaleso sikhathi kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi abayizidlakela namajaha, akwaphunyuka muntu. UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili.

AbAhluleli 3:15-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; futhi ngaye abantwana bakwa-Israyeli bathumela isipho ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi. Kodwa u-Ehudi wazenzela inkemba esika nhlangothi zombili, ubude bayo buyingalo; walibhinca ngaphansi kwengubo yakhe ethangeni lakhe lokunene. Waletha isipho ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi; u-Egiloni wayengumuntu okhuluphele kakhulu. Kwathi eseqedile ukunikela umnikelo, wabamukisa abantu ababethwele isipho. Kepha yena wabuya ezithombeni ezibaziweyo zaseGiligali, wathi: “Nginendaba eyimfihlo kuwe, nkosi, ethi: Thula.” Baphuma kuye bonke ababemi ngakuye. U-Ehudi wayesesondela kuye; wahlala endlini yasehlobo, ayenakho konke. Wathi u-Ehudi: “Nginezwi elivela kuNkulunkulu ngawe.” Asukume esihlalweni. U-Ehudi welula isandla sakhe sobunxele, wathatha inkemba ethangeni lakhe lokunene, wayigwaza esiswini sakhe. Umphini waso wangena emva kwenkemba; amanoni avala inkemba, ukuze angawukhiphi inkemba esiswini sakhe; kwaphuma ukungcola. U-Ehudi wayesephumela egcekeni, wamvalela iminyango yekamelo lokuhlala, wayihluthulela; Esephumile, zafika izinceku; kwathi lapho bebona ukuthi iminyango yekamelo lokuphumula ivaliwe, bathi: “Ngempela, uzimboze izinyawo zakhe ekamelweni lakhe lasehlobo.” Bahlala baze baba namahloni; bathatha isihluthulelo, bawuvula; bheka, inkosi yabo yawela emhlabathini ifile. U-Ehudi waphunyuka zisalindile, wadlula izithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri. Esefikile wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye entabeni, yena waphuma phambi kwabo. Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu, abakwaMowabi, esandleni senu.” Behla bamlandela, bathumba amazibuko aseJordani kwaMowabi, abavumelanga muntu ukuba awele. Babulala ngaleso sikhathi amadoda akwaMowabi kungathi izinkulungwane eziyishumi, onke amaqhawe namaqhawe; akwaphunyuka muntu. Ngalokho uMowabi wathotshiswa ngalolo suku phansi kwesandla sika-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.