AbAhluleli 3:1-4
AbAhluleli 3:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nazi izizwe uSimakade azishiya ukuze avivinye ngazo bonke abakwa-Israyeli ababengenalwazi ngempi eKhanani, ukuze lezo zizukulwane zabakwa-Israyeli ezilandelayo zikwazi ukulwa, kufundiswe lezo ezingakaze ziyazi impi phambilini. Kwakuyilezi izizwe: amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo wonke amaKhanani, amaSidoni, amaHivi ayehlala entabeni iLebhanoni, kusukela entabeni iBhali Hermoni kuze kube seHamathi. Zazishiyelwe ukuvivinywa ngabakwa-Israyeli, ukuze kwazeke ukuthi bayoyilalela yini imiyalelo kaSimakade abayala ngayo okhokho babo ngoMose.
AbAhluleli 3:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lezi ziyizizwe aziyekile uJehova ukuze amvivinye ngazo u-Israyeli, bonke abakwa-Israyeli ababengazi mpi eKhanani, kuphela ukuba izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, zifundiswe impi, ikakhulu labo ababengayazi ngaphambili. Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati. Zazingezokuba u-Israyeli avivinywe ngazo, kwazeke uma beyakulalela imiyalo kaJehova abayala ngayo oyise ngesandla sikaMose.
AbAhluleli 3:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lezi ziyizizwe uJehova azishiya ukuze avivinye u-Israyeli ngazo, wonke u-Israyeli owayengazazi zonke izimpi zaseKhanani; Kuphela ukuze izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, ukubafundisa impi, okungenani labo ababengayazi ngaphambili; Lezi ziyizikhulu zamaFilisti eziyisihlanu, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi, ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali-Hermoni kuze kube sekungeneni kweHamati. Kwadingeka bavivinye u-Israyeli ngabo ukuze bazi uma bengayilalela imiyalo kaJehova eyayala oyise ngesandla sikaMose.