AbAhluleli 13:2-3
AbAhluleli 13:2-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.
Dlulisela
Funda AbAhluleli 13AbAhluleli 13:2-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana. Ingelosi kaSimakade yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Nanxa uyinyumba, ungakaze uzale bantwana, uzakukhulelwa, uzale indodana.
Dlulisela
Funda AbAhluleli 13AbAhluleli 13:2-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.
Dlulisela
Funda AbAhluleli 13