AbAhluleli 11:16-17
AbAhluleli 11:16-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
kodwa lapho benyuka bevela eGibhithe, abakwa-Israyeli badabula ihlane baya oLwandle Lomhlanga, baze bafika eKadeshi. Abakwa-Israyeli bathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, bathi: ‘Sicela usivumele sidabule ezweni lakho,’ kodwa inkosi yakwa-Edomi ayifunanga ukubalalela. Babuye bathumela nasenkosini yakwaMowabi, kodwa nayo yenqaba, ngakho-ke abakwa-Israyeli bahlala eKadeshi.
AbAhluleli 11:16-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi, u-Israyeli wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: ‘Ake ngidabule izwe lakho;’ kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga; nasenkosini yakwaMowabi wathuma kanjalo; kepha ayivumanga; u-Israyeli wayesehlala eKadeshi.
AbAhluleli 11:16-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa lapho u-Israyeli ekhuphuka ephuma eGibhithe, wadabula ihlane waze wafika eLwandle LwaseShelefu, wafika eKadeshi; U-Israyeli wayesethuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi ukuthi: ‘Mangidabule izwe lakho, kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga. Kanjalo bathumela enkosini yakwaMowabi, kepha ayivumanga; u-Israyeli wahlala eKadeshi.