EkaJakobe 4:13-17
EkaJakobe 4:13-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wozani manje nina enithi: “Namuhla noma ngomuso sizakuya kulo muzi noma kulowaya, sihlale khona kuze kuphele unyaka, sihwebelane, sithole inzuzo.” Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala. Empeleni ngabe nithi: “Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.” Kepha manje niyazigabisa nina; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.
EkaJakobe 4:13-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,” anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.” Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.
EkaJakobe 4:13-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Manje-ke nina enithi: Namuhla noma kusasa siyakuya emzini onjalo, futhi sihlale khona umnyaka, sithenge, sithengise, sizuze; Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala. Ngokuba nifanele ukuthi: Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya. Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzibonga okunjalo kubi. Ngakho-ke kokwaziyo ukwenza okuhle kodwa angakwenzi, kuye kuyisono.
EkaJakobe 4:13-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)