EkaJakobe 3:5-9
EkaJakobe 3:5-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lunjalo-ke nolimi, luyisitho esincane, kodwa luzigabisa kakhulu. Phela inhlansana nje ingathungela ihlathi elikhulu. Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo. Ngokuba lonke uhlobo lwezilwane nolwezinyoni nolwezilwane ezihuquzelayo, zonke zithanjiswa futhi zathanjiswa ngabantu. Kepha akukho muntu kubantu onamandla okuluthambisa ulimi; lungububi obungalawuleki, lugcwele isihlungu esibulalayo. Ngolimi sibonga iNkosi uBaba, nangalo futhi siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.
EkaJakobe 3:5-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani! nolimi lungumlilo, izwe lokungalungi, lunjalo nolimi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela inkambo yemvelo; futhi uthungelwa umlilo wesihogo. Ngoba yonke inhlobo yezilwane, leyezinyoni, leyezinyoka, leyaselwandle, iyathanjisiwe, njalo isithanjisiwe ngabantu; Kodwa ulimi kakho ongaluthambisa; buyibubi obungalawuleki, bugcwele ubuthi obubulalayo. Ngalo siyambonga uNkulunkulu uBaba; futhi ngalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.
EkaJakobe 3:5-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka; nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo. Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu; kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo. Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu
EkaJakobe 3:5-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)