EkaJakobe 3:5-6
EkaJakobe 3:5-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani! nolimi lungumlilo, izwe lokungalungi, lunjalo nolimi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela inkambo yemvelo; futhi uthungelwa umlilo wesihogo.
EkaJakobe 3:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lunjalo-ke nolimi, luyisitho esincane, kodwa luzigabisa kakhulu. Phela inhlansana nje ingathungela ihlathi elikhulu. Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.
EkaJakobe 3:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka; nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.
EkaJakobe 3:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)