EkaJakobe 3:13-17
EkaJakobe 3:13-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaqambi iqiniso amanga. Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli. Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi. Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.
EkaJakobe 3:13-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaqambi iqiniso amanga. Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli. Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi. Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.
EkaJakobe 3:13-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso. Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni, ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi. Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.
EkaJakobe 3:13-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso. Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni; ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi. Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.