EkaJakobe 3:1-18

EkaJakobe 3:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu. Bheka, sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuba asilalele; futhi sijika umzimba wabo wonke. Bhekani, nemikhumbi, imikhulu kangaka, iqhutshwa yimimoya enamandla, ijikiswa ngomphini omncane kakhulu, iye nomaphi lapho umbusi ethanda ukuya khona. Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani! nolimi lungumlilo, izwe lokungalungi, lunjalo nolimi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela inkambo yemvelo; futhi uthungelwa umlilo wesihogo. Ngoba yonke inhlobo yezilwane, leyezinyoni, leyezinyoka, leyaselwandle, iyathanjisiwe, njalo isithanjisiwe ngabantu; Kodwa ulimi kakho ongaluthambisa; buyibubi obungalawuleki, bugcwele ubuthi obubulalayo. Ngalo siyambonga uNkulunkulu uBaba; futhi ngalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Emlonyeni munye kuphuma isibusiso lesiqalekiso. Akufanele lokho, bazalwane bami, ukuba kube njalo. Umthombo uyaphuma yini endaweni eyodwa amanzi amnandi ababayo na? Bazalwane bami, umkhiwane ungathela izithelo zomnqumo na? noma umvini, amakhiwane? kanjalo kawunamthombo othela amanzi anosawoti namnandi. Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaqambi iqiniso amanga. Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli. Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi. Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi. Lesithelo sokulunga sihlanyelwa ekuthuleni kulabo abenza ukuthula.

EkaJakobe 3:1-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

EkaJakobe 3:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bazalwane bami, iningi lenu malingabi ngabafundisi, ngokuba niyazi ukuthi siyakwemukeliswa ukwehlulelwa okunzima. Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu. Uma sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi, sikwenza lokho ukuze asilalele, siyawuqondisa wonke nomzimba wawo. Bhekani, nemikhumbi njengoba imikhulu nje, idudulwa yimimoya enamandla, iqondiswe ngumshayeli ngephini elincane, iye lapho efuna ukuba iye khona. Lunjalo-ke nolimi, luyisitho esincane, kodwa luzigabisa kakhulu. Phela inhlansana nje ingathungela ihlathi elikhulu. Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo. Ngokuba lonke uhlobo lwezilwane nolwezinyoni nolwezilwane ezihuquzelayo, zonke zithanjiswa futhi zathanjiswa ngabantu. Kepha akukho muntu kubantu onamandla okuluthambisa ulimi; lungububi obungalawuleki, lugcwele isihlungu esibulalayo. Ngolimi sibonga iNkosi uBaba, nangalo futhi siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Emlonyeni owodwa kuphuma izibusiso neziqalekiso. Bazalwane bami, akufanele ukuba lokho kube kanjalo. Umthombo uyakhipha yini amanzi amnandi nababayo esiphethwini esisodwa na? Bazalwane bami, umkhiwane ungathela yini izithelo zomnqumo, noma umvini uthele amakhiwane na? Kanjalo namanzi anosawoti angewakhiphe amanzi amtoti. Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso. Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni, ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi. Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa. Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula yilabo abenza ukuthula.

EkaJakobe 3:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu. Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu. Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo. Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona. Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka; nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo. Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu; kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo. Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu; emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo. Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na? Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi. Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso. Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni; ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi. Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa. Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo