EkaJakobe 1:25-27
EkaJakobe 1:25-27 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe. Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize. Inkolo ehlanzekileyo nengangcolile phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina engenabala kulomhlaba.
EkaJakobe 1:25-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe. Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize. Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.
EkaJakobe 1:25-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe. Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize. Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.
EkaJakobe 1:25-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)