U-Isaya 7:14-16
U-Isaya 7:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli. Uyodla izaqheqhe noju aze akwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle. Ngokuba umntwana engakakwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, leli lizwe okhathazwa ngamakhosi alo amabili liyobe lingasenamuntu.
U-Isaya 7:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli. Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle. Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
U-Isaya 7:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli. Kufanele adle ibhotela noju lwezinyosi, ukuze akwazi ukwala okubi akhethe okuhle. Ngoba ngaphambi kokuba umfana akwazi ukwala okubi futhi akhethe okuhle, izwe elizondayo liyoshiywa amakhosi alo amabili.