U-Isaya 58:9-10
U-Isaya 58:9-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi, unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini.
U-Isaya 58:9-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona wena uyakubiza, kusabele uJehova; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. “Uma ususa phakathi kwakho ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi, umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini.
U-Isaya 58:9-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize; Futhi uma welulela umphefumulo wakho kolambileyo futhi usuthise umphefumulo ocindezelweyo; khona ukukhanya kwakho kuyakuvela ebumnyameni, nobumnyama bakho bube njengemini enkulu.