U-Isaya 58:6-11
U-Isaya 58:6-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na? Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na? Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho. Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi, unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini. USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.
U-Isaya 58:6-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na? Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na? Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho. Khona wena uyakubiza, kusabele uJehova; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. “Uma ususa phakathi kwakho ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi, umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini. UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.
U-Isaya 58:6-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lokhu akusikho ukuzila engikukhethileyo na? ukuthukulula izibopho zobubi, ukuthukulula imithwalo esindayo, lokukhulula abacindezelweyo, lokuphula wonke amajogwe? Akukhona yini ukunika olambileyo isinkwa sakho nokuletha abampofu abaxoshwa endlini yakho na? uma ubona onqunu, umembese; nokuthi ungazifihli enyameni yakho? Khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma njengokusa, nokuphila kwakho kuyakuhluma masinyane; ukulunga kwakho kuyakuphumela phambi kwakho; inkazimulo kaJehova iyakuba ngumvuzo wakho. Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize; Futhi uma welulela umphefumulo wakho kolambileyo futhi usuthise umphefumulo ocindezelweyo; khona ukukhanya kwakho kuyakuvela ebumnyameni, nobumnyama bakho bube njengemini enkulu. UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki.