U-Isaya 58:2-11

U-Isaya 58:2-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, ngokungathi bayisizwe esenza ukulunga, esingazishiyanga izimiso zikaNkulunkulu waso. Babuza kimi izehlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulukulu. Bathi: ‘Sikuzileleni ukudla, ngoba awuboni na?’ ‘Sizithobeleni, ngoba awusinaki na?’ “Bhekani, ngosuku enizila ngalo, nenza enikuthandayo, nicindezele zonke izisebenzi zenu. Niyabona-ke, nizilela ukuphikisana, nokulwa, nokushaya ngenqindi yenkohlakalo. Lokhu kuzila enikwenza namuhla akwenzi ukuba izwi lenu lizwakale ezindaweni eziphakemeyo. Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na? “Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na? Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na? Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho. Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi, unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini. USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.

U-Isaya 58:2-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha bayangifuna imihla ngemihla, bajabulela ukwazi izindlela zami njengesizwe esenza ukulunga, esingashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso; izimiso zomthetho bazicela Kimi; bayakujabulela ukusondela kuNkulunkulu. Bathi kungani sizile ukudla, kodwa wena ungaboni? Sicindezeleleni umphefumulo wethu, wena ungazi na? Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu nifumana intokozo, nifune wonke umshikashika wenu. Bhekani, nizilela ukuxabana nokuxabana nokushaya ngesibhakela sobubi; akumelwe nizile ukudla njenganamuhla ukuze nizwakalise izwi lenu phezulu. Yilokhu ukuzila ukudla engikukhethileyo na? usuku lokuba umuntu acindezele umphefumulo wakhe na? Ingabe ukugebisa ikhanda lakhe njengenqe nokwendlala indwangu yamasaka nomlotha ngaphansi kwakhe? nithanda ukulubiza ngokuthi wusuku lokuzila noluthokozisayo kuJehova na? Lokhu akusikho ukuzila engikukhethileyo na? ukuthukulula izibopho zobubi, ukuthukulula imithwalo esindayo, lokukhulula abacindezelweyo, lokuphula wonke amajogwe? Akukhona yini ukunika olambileyo isinkwa sakho nokuletha abampofu abaxoshwa endlini yakho na? uma ubona onqunu, umembese; nokuthi ungazifihli enyameni yakho? Khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma njengokusa, nokuphila kwakho kuyakuhluma masinyane; ukulunga kwakho kuyakuphumela phambi kwakho; inkazimulo kaJehova iyakuba ngumvuzo wakho. Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize; Futhi uma welulela umphefumulo wakho kolambileyo futhi usuthise umphefumulo ocindezelweyo; khona ukukhanya kwakho kuyakuvela ebumnyameni, nobumnyama bakho bube njengemini enkulu. UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki.

U-Isaya 58:2-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu. Bathi: ‘Sizileleni ukudla, ungaboni, na?’ ‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu, ungakwazi, na?’ “Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu niyaqhuba umsebenzi, nicindezele zonke izisebenzi zenu. Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisana nokushaya ngenqindi yobubi. Anisazili namuhla ukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu. Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yini nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzila nosuku olwamukelekayo kuJehova na? “Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na? Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na? Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho. Khona wena uyakubiza, kusabele uJehova; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. “Uma ususa phakathi kwakho ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi, umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini. UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.