U-Isaya 55:6-13
U-Isaya 55:6-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mfuneni uSimakade esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu. “Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” kusho uSimakade. “Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu. Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini, akubuyeli khona, kunalokho kumatisa umhlaba, kuwenze uhlume, uthele, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo, nodlayo ukudla. Liyoba njalo izwi lami, eliphuma emlonyeni wami: aliyukubuyela kimi lilambatha, lingakakufezi lokho engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumelele khona. Niyophuma ngentokozo, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyoqhumuka kuhlabelele phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyoshaya ihlombe. Esikhundleni sogagane, kuyomila umsayiphuresi; nasesikhundleni samakhakhasi, kumile umbomvana. Kuyokuba yisikhumbuzo kuSimakade, nesibonakaliso saphakade esingeyukuphela, esingasayukunqunywa.”
U-Isaya 55:6-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. “Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” usho uJehova. “Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu. Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa, liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho. Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe. Esikhundleni sogagane kuyakumila umsayipuresi,* nasesikhundleni samakhakhasi kuyakumila umbomvana. Kuyakuba yigama kuJehova, nesibonakaliso esingapheliyo esingayikunqunywa.”
U-Isaya 55:6-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Funani uJehova esekhona, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nongalungile imicabango yakhe; aphenduke eNKOSIni, njalo izaba lesihawu kuye; nakuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakuthethelela kaningi. Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” usho uJehova. Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu. Ngokuba njengoba imvula neqhwa kwehla ezulwini futhi kungabuyeli khona, kodwa ninisele umhlaba, kuwenze uhlume, uhlume, ukuze unike ohlwanyelayo inhlanyelo, nesinkwa kodlayo. Lizakuba njalo ilizwi lami eliphuma emlonyeni wami: kaliyikubuyela kimi lilambatha, kodwa lizafeza lokho engikuthandayo, njalo lizaphumelela kukho konke engilithumele khona. Ngokuba niyakuphuma ngokujabula, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhuma phambi kwenu ngokujabula, nemithi yonke yasendle ishaye ihlombe. Endaweni yameva kuyakumila umsayipuresi, endaweni yokhula kukhule umuthi wombomvana; kuyakuba yigama likaJehova, kube yisibonakaliso esiphakade esingayikunqunywa.