U-Isaya 55:10-12
U-Isaya 55:10-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini, akubuyeli khona, kunalokho kumatisa umhlaba, kuwenze uhlume, uthele, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo, nodlayo ukudla. Liyoba njalo izwi lami, eliphuma emlonyeni wami: aliyukubuyela kimi lilambatha, lingakakufezi lokho engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumelele khona. Niyophuma ngentokozo, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyoqhumuka kuhlabelele phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyoshaya ihlombe.
U-Isaya 55:10-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa, liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho. Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.
U-Isaya 55:10-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba njengoba imvula neqhwa kwehla ezulwini futhi kungabuyeli khona, kodwa ninisele umhlaba, kuwenze uhlume, uhlume, ukuze unike ohlwanyelayo inhlanyelo, nesinkwa kodlayo. Lizakuba njalo ilizwi lami eliphuma emlonyeni wami: kaliyikubuyela kimi lilambatha, kodwa lizafeza lokho engikuthandayo, njalo lizaphumelela kukho konke engilithumele khona. Ngokuba niyakuphuma ngokujabula, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhuma phambi kwenu ngokujabula, nemithi yonke yasendle ishaye ihlombe.