U-Isaya 55:1-3
U-Isaya 55:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge mahhala, yebo, iwayini nobisi, kungabizi mali. Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okungenelisiyo na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni. Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
U-Isaya 55:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho. Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni. Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
U-Isaya 55:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Awu, wonke owomileyo uyeza emanzini, nongenamali; wozani nithenge, nidle; yebo, wozani nithenge iwayini nobisi ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo. Nichithelani imali kukho okungesiso isinkwa na? nomshikashika wenu kulokho okunganelisi? Lalelani kahle Kimi, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni. Khothamani nize kimi; lalelani, umphefumulo wenu uphile; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izihe eziqinile zikaDavide.