U-Isaya 53:1-12

U-Isaya 53:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaSimakade yambulelwa bani na? Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune. Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kodwa yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kepha thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sethu saba phezu kwayo, ukuze sibe nokuthula; nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke. Yacindezelwa, yahlushwa, kodwa ayiwuvulanga umlomo wayo. Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo. Yasuswa ekucindezelweni nasekwehlulelweni. Ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yanqunywa ezweni labaphilayo, ishayiwe ngesiphambeko sabantu bami na? Babeka ithuna layo kanye nababi; ekufeni yayinabenza okubi, noma ingenzanga ndluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo. Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo. Ekuhluphekeni kwayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo. Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.

U-Isaya 53:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngubani owakholwa umbiko wethu? lengalo yeNKOSI yambulelwa bani? Ngokuba uyakumila phambi kobuso bakhe njengehlumela, nanjengempande emhlabathini owomileyo; futhi lapho sizoMbona, akukho buhle ukuthi singaMfisa. Udelelekile, waliwa ngabantu; umuntu wosizi nojwayelene nosizi; futhi samfihlela ubuso bethu njengokungathi; wayedelelekile, futhi asizange simhloniphe. Yebo, wathwala usizi lwethu, wathwala usizi lwethu, kepha thina sathi ishaywe, ishaywe nguNkulunkulu, icindezelwe. Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina. Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke. Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe. Wasuswa etilongweni nasekwahlulelweni; futhi ngubani ongamemezela ubulili bakhe? ngoba waqunywa elizweni labaphilayo; ngenxa yesiphambeko sabantu bami washaywa. Futhi wenza ithuna lakhe kanye nababi kanye nabacebile ekufeni kwakhe; ngoba akenzanga ubudlova, futhi kwakungekho nkohliso emlonyeni wakhe. Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo. Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo. Ngalokho ngiyakuyabela izabelo kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla; ngokuba wawuthulula umphefumulo wakhe ekufeni, wabalelwa kanye nezoni; futhi wathwala izono zabaningi futhi wathandazela aboni.

U-Isaya 53:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaJehova yambulelwa bani na? Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune. Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke. Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo. Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni; ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo, ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na? Babeka ithuna layo kanye nababi; ekufeni yayinabenza okubi, noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo. Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo. Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo. Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo