U-Isaya 52:13-15
U-Isaya 52:13-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bheka, inceku yami iyoba nempumelelo; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu. Njengalokhu babebaningi abamangala ngayo, ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo, kunesamadodana abantu; kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.
U-Isaya 52:13-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu. Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.
U-Isaya 52:13-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, inceku yami iyakuhlakanipha, iphakanyiswe, idunyiswe, iphakame kakhulu; Abaningi bamangala ngawe; ubuso bakhe bawonakele ngaphezu kwawo wonke umuntu, futhi isimo sakhe ngaphezu kwabantwana babantu. Ngakho-ke uyofafaza izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo kuye; ngoba lokho abangatshelwanga khona, bazakubona; futhi abangakuzwanga, bayokulalela.