U-Isaya 51:1-3
U-Isaya 51:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo. Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu, nakuSara owanizalayo, ngokuba ngambiza eyedwa vo, kodwa ngambusisa, ngamandisa. Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.
U-Isaya 51:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enimfunayo uJehova; bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo, nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo. Bhekani ku-Abrahama uyihlo, nakuSara owanizalayo, ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa. Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.
U-Isaya 51:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngilaleleni nina eniphishekela ukulunga nina enifuna uJehova; bhekani idwala enaqoshwa kulo nomthombo womgodi enambiwa kuwo. Bheka uyihlo u-Abrahama noSara owakuzalayo, ngokuba ngambiza eyedwa, ngambusisa, ngamandisela. Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aduduze zonke izincithakalo zalo; Uyakwenza ugwadule lwakhe lube njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaJehova; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa kulo, ukubonga nezwi lokuhuba.