U-Isaya 46:3-4
U-Isaya 46:3-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni. Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
U-Isaya 46:3-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngilalele wena ndlu kaJakobe, yonke insali yendlu yakwa-Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni. Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
U-Isaya 46:3-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngizwe, wena ndlu kaJakobe, kanye nayo yonke insali yendlu ka-Israyeli, enanithwala kwasesiswini, enanithwalwa kwasesiswini. Naseminyakeni yenu nginguye; ngisho nasezinweleni ezimpunga ngiyonithwala; Ngenzile, futhi ngiyakuthwala; nami ngiyakunithwala, nginisindise.