U-Isaya 43:5-7
U-Isaya 43:5-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ungesabi, ngokuba nginawe; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga. Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba, onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”
U-Isaya 43:5-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ngiyakuletha inzalo yakho empumalanga, ngikubuthe ngasentshonalanga; Ngizakuthi enyakatho: Dedela; naseningizimu: Ungagodli; letha amadodana ami evela kude namadodakazi ami emikhawulweni yomhlaba; Ngisho wonke umuntu obizwa ngegama lami, ngoba ngimdalele inkazimulo yami, ngimbumbile; yebo, ngimenzile.
U-Isaya 43:5-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ungesabi, ngokuba nginawe, ngiyakuletha abozalo lwakho bevela empumalanga, ngikuqoqe nasentshonalanga. Ngiyothi kuyo inyakatho: ‘Bakhulule,’ nakuyo iningizimu, ngithi: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami asuka ezweni elikude, namadodakazi ami avela emikhawulweni yomhlaba, yilowo nalowo obizwa ngeGama lami, engimdalele udumo lwami, ngambumba, futhi ngamenza.”