U-Isaya 43:1-7
U-Isaya 43:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Manje usho kanje uSimakade owakudala wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubize ngegama lakho; ungowami. Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa. Ngokuba Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli uMsindisi wakho. IGibhithe ngilinikele laba yinhlawulo yakho; iKhushe neShebha esikhundleni sakho. Ngokuba uyigugu emehlweni ami, uhloniphekile, futhi ngiyakuthanda; ngiyonikela abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. Ungesabi, ngokuba nginawe, ngiyakuletha abozalo lwakho bevela empumalanga, ngikuqoqe nasentshonalanga. Ngiyothi kuyo inyakatho: ‘Bakhulule,’ nakuyo iningizimu, ngithi: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami asuka ezweni elikude, namadodakazi ami avela emikhawulweni yomhlaba, yilowo nalowo obizwa ngeGama lami, engimdalele udumo lwami, ngambumba, futhi ngamenza.”
U-Isaya 43:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha manje, isho kanje iNkosi, uMdali wakho, O Jakobe, noMbumbi wakho, O Israyeli: Ungesabi, ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami. Uma udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; uma udabula emlilweni, awuyikusha; nelangabi aliyikukuvutha. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; nginikele iGibithe libe yisihlengo sakho, iTopiya neSheba esikhundleni sakho. Njengoba wawuyigugu emehlweni ami, wawuhloniphekile, futhi mina ngikuthanda; ngalokho ngiyakuninika abantu nokuphila. Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ngiyakuletha inzalo yakho empumalanga, ngikubuthe ngasentshonalanga; Ngizakuthi enyakatho: Dedela; naseningizimu: Ungagodli; letha amadodana ami evela kude namadodakazi ami emikhawulweni yomhlaba; Ngisho wonke umuntu obizwa ngegama lami, ngoba ngimdalele inkazimulo yami, ngimbumbile; yebo, ngimenzile.
U-Isaya 43:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami. Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho, iKushe neSheba esikhundleni sakho. Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami, futhi ubudumile, uthandekile kimi, ngiyakunika abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. Ungesabi, ngokuba nginawe; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga. Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba, onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”