U-Isaya 43:1-28

U-Isaya 43:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Manje usho kanje uSimakade owakudala wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubize ngegama lakho; ungowami. Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa. Ngokuba Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli uMsindisi wakho. IGibhithe ngilinikele laba yinhlawulo yakho; iKhushe neShebha esikhundleni sakho. Ngokuba uyigugu emehlweni ami, uhloniphekile, futhi ngiyakuthanda; ngiyonikela abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. Ungesabi, ngokuba nginawe, ngiyakuletha abozalo lwakho bevela empumalanga, ngikuqoqe nasentshonalanga. Ngiyothi kuyo inyakatho: ‘Bakhulule,’ nakuyo iningizimu, ngithi: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami asuka ezweni elikude, namadodakazi ami avela emikhawulweni yomhlaba, yilowo nalowo obizwa ngeGama lami, engimdalele udumo lwami, ngambumba, futhi ngamenza.” Lethani abantu abayizimpumputhe bebe benamehlo, nabayizithulu bebe benezindlebe. Izizwe zonke mazihlangane ndawonye; abantu bonke babuthane. Ngubani phakathi kwabo ongasho lokhu, asitshele izinto zakuqala na? Mabalethe ofakazi babo ukuze bazobafakazela, mabezwe bese bethi: “Kuliqiniso.” “Ningofakazi bami,” kusho uSimakade, “nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye. Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami. Mina, Mina nginguSimakade, ngaphandle kwami akekho uMsindisi. Ngishilo, ngasindisa, ngamemezela, ngesikhathi kungakabi bikho nkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu. Nina ningofakazi bami,” kusho uSimakade. “Mina nginguNkulunkulu. Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?” Usho kanje uSimakade uMhlengi wenu oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBhabhele, ngiyobehlisa bonke ababalekileyo, namaKhaledi ngemikhumbi, bememeza ngenjabulo. Mina nginguSimakade oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.” Usho kanje uSimakade odala indlela olwandle, nomkhondo emanzini anamandla, okhipha izinqola zempi; amahhashi, impi, namaqhawe, kulale uyaca kanyekanye kungabe kusavuka. Kucishwe, kucinywe njengentambo yesibani. “Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi. Izilwane zasendle: izimpisi nezintshe kuzongidumisa, ngokuba ngiveze amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi, ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo, abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami. “Nokho wena Jakobe, awuzange ungibize; nawe Israyeli, udiniwe yimi. Awuzilethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa; awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo, noma ngikukhathaze ngempepho. Awungilethelanga ngamali ikhalamusi; awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho, kodwa ungethwese umthwalo ngezono zakho, wangikhathaza ngobubi bakho. “Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho. Ngikhumbuze, masiqagulisane, lubeke udaba lwakho, ukuze kubonakale ukuthi awunacala. Ukhokho wakho wokuqala wona, nabakukhulumelayo baphambukile kimi. Ngakho-ke ngizingcolisile izikhulu zendlu engcwele; uJakobe ngizakumnikela ukuba achithwe, no-Israyeli ukuba abe yisithuko.”

U-Isaya 43:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami. Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho, iKushe neSheba esikhundleni sakho. Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami, futhi ubudumile, uthandekile kimi, ngiyakunika abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. Ungesabi, ngokuba nginawe; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga. Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba, onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.” Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo nezithulu ezinezindlebe. Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye, abantu bonke babuthane; ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu, asizwise izinto zakuqala; mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe, bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.” “Ningofakazi bami,” usho uJehova, “nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona. Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi. Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile, kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova, “mina nginguNkulunkulu. Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?” Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki, namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo. NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.” Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle, nomkhondo emanzini anamandla, okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo. “Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi. Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo, laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami. “Kepha awungibizanga, Jakobe, ngokuba wadinwa yimi, Israyeli. Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka. Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali, awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho, kepha ungisebenzisile ngezono zakho, ungidinisile ngobubi bakho. “Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho. Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe. Uyihlo wokuqala wona, abahumushi bakho bangihlubukile. Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.

U-Isaya 43:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha manje, isho kanje iNkosi, uMdali wakho, O Jakobe, noMbumbi wakho, O Israyeli: Ungesabi, ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami. Uma udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; uma udabula emlilweni, awuyikusha; nelangabi aliyikukuvutha. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; nginikele iGibithe libe yisihlengo sakho, iTopiya neSheba esikhundleni sakho. Njengoba wawuyigugu emehlweni ami, wawuhloniphekile, futhi mina ngikuthanda; ngalokho ngiyakuninika abantu nokuphila. Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ngiyakuletha inzalo yakho empumalanga, ngikubuthe ngasentshonalanga; Ngizakuthi enyakatho: Dedela; naseningizimu: Ungagodli; letha amadodana ami evela kude namadodakazi ami emikhawulweni yomhlaba; Ngisho wonke umuntu obizwa ngegama lami, ngoba ngimdalele inkazimulo yami, ngimbumbile; yebo, ngimenzile. Khipha izimpumputhe ezinamehlo nezithulu ezinezindlebe. Izizwe zonke mazibuthane, abantu babuthane; yimuphi kubo ongamemezela lezi zinto futhi asibonise izinto zakuqala na? mabalethe ofakazi babo, ukuze bathiwe balungile; noma mabezwe bathi: Lokhu kuyiqiniso. Ningofakazi bami, usho uJehova, nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, nikholwe yimi, niqonde ukuthi yimi; Mina, mina, nginguJehova; futhi ngaphandle kwami akakho umsindisi. Ngashumayela, ngakhulula, ngabonisa, kungekho nkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; ngalokho ningofakazi bami, usho uJehova, ukuthi nginguNkulunkulu. Yebo, ngaphambi kosuku enganginguye; futhi akakho ongophula esandleni sami. Ngizosebenza, futhi ubani ozokuvumela? Usho kanje uJehova, uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Ngenxa yenu ngathumela eBabele, ngehlisela phansi zonke izikhulu zabo namaKaledi akukhala emikhunjini. NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu. Usho kanje uJehova, owenza indlela elwandle, nendlela emanzini anamandla; okhipha inqola, nehhashi, nempi, namandla; bayakulala phansi kanyekanye, abayikuvuka; Ningacabangi ngezinto zakuqala, ningacabangi ngezinto zasendulo. Bheka, ngiyakwenza okusha; manje liyakuhluma; ubungeke ukwazi? Ngiyakwenza indlela ehlane nemifula ogwadule. Izilwane zasendle ziyakungidumisa, izimpungushe nezikhova, ngokuba ngiyakuphuzisa abantu bami abakhethiweyo bami amanzi ehlane nemifula ehlane. Ngazibumbela laba bantu; bayakumemezela udumo lwami. Kepha awungibizanga, Jakobe; kodwa wadinwa yimi, Israyeli. Awungilethelanga amawundlu eminikelo yakho yokushiswa; futhi awungidumisanga ngemihlatshelo yakho. Angikwenzanga ukuba ukhonze ngomhlatshelo, angikukhathazanga ngempepho. Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali, awuzange ungisuthise ngamanoni ezinyama zakho; kepha wangikhonza ngezono zakho, wangidinisa ngobubi bakho. Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami futhi angikhumbuli izono zakho. Ngikhumbule; asilwe sodwa; ngimemezele, ukuze uthiwe ulungile. Uyihlo wokuqala wona, nabafundisi bakho baphambuka kimi. Ngalokho ngangcolisa izikhulu zendlu engcwele, ngamnikela uJakobe esiqalekisweni, no-Israyeli ehlazweni.

U-Isaya 43:1-28

U-Isaya 43:1-28 ZUL59U-Isaya 43:1-28 ZUL59U-Isaya 43:1-28 ZUL59U-Isaya 43:1-28 ZUL59