U-Isaya 42:5-6
U-Isaya 42:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi: “Mina Simakade ngikubize ngokulunga, ngiyokubamba ngesandla sakho, ngikulondoloze, ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu, nokukhanya kwabezizwe
U-Isaya 42:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi: “Mina Jehova ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe
U-Isaya 42:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Usho kanje uNkulunkulu uJehova, owadala, oweneka izulu; owendlala umhlaba nokuphuma kuwo; onika abantu abakulo ukuphefumula, nabahamba kulo umoya; Mina, Jehova, ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sezizwe, ube ngukukhanya kwabezizwe