U-Isaya 41:8-13
U-Isaya 41:8-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, wozalo luka-Abhrahama umngani wami, wena engikuthathe emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza emajukujukwini awo, ngathi kuwe: ‘Wena uyinceku yami, ngikukhethile, angikulahlanga.’ Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami. “Bazoba namahloni, bajabhiswe bonke abakuthukuthelele, bayoba njengento engelutho, babhubhe bonke abamelana nawe. Uyakubafuna, kodwa awuyukubafumana; labo bantu abaxabana nawe, abalwa nawe, bayakuba njengento engelutho, nanjengeze. Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, okubamba ngesandla sakho sokunene, athi kuwe: ungesabi, ngiyakusiza.

U-Isaya 41:8-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami, wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza emagumbini awo, ngathi kuwe: ‘Wena uyinceku yami,’ ngikukhethile, angikulahlanga; ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami. “Bheka, bonke abafuthekela wena bayakuba namahloni, bajabhe; abamelene nawe bayakuba njengento engelutho, babhubhe. Uyakubafuna, ungabafumani kodwa, labo bantu abaxabana nawe; abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze. Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza.
U-Isaya 41:8-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha wena Israyeli, uyinceku yami, uJakobe engikukhethileyo, inzalo ka-Abrahama umngane wami. Wena engikususile emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza phakathi kwezikhulu zawo, ngathi kuwe: Uyinceku yami; Ngakukhetha angizange ngikulahle. Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami. Bheka, bonke abakuthukuthelele bayakuma benamahloni, babe namahloni; nabaxabana nawe bayakubhubha. Uzabafuna, kodwa kawubatholi, labo abaxabana lawe; Ngokuba mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngiyakubamba isandla sakho sokunene ngithi kuwe: Ungesabi; ngizokusiza.